Njengoba kukhona amaqiniso abusa ukuhamba kwendalo, ngokunjalo kukhona amaqiniso okomoya abusa ukuthintena komuntu noNkulunkulu.


1. UNKULUNKULU UYAKUTHANDA, UKUBEKELE IPULANI EMANGAUSAYO EKUPHILENI KWAKHQ.

(Wafunde onke amavesi akhonjwayo kulencwadi, uwa-hlanganise nendaba yonke lapho etholakala khona.)

UTHANDO LUKANKULUNKULU
"Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwayo yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade." (Johane 3: 16)

IPULANI KANKULUNKULU
(UKristu wathi) "Mine ngize ukuba babe-nokuphila, babe-nakho kuchichime"(lokhu kusho ukuphila okugcwele) (Johane 10: 10).

Kwenziwa yini ukuba iningi labantu lingakufamani lokhukuphila okuchichimayo?


2. UMUNTU WONILE FUTHI UKONA KUMAHLUKANISILE NONKULUNKULU, NGAKHO AKAKWAZI UKULUQONDA UTHANDO LUKANKULUNKULU KANYE NEPULANI ANAYO UNKULUNKULU NGOKUPHILA KWAKHE.

UMUNTU WONILE

"Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo ka-Nkulunkulu". Roma 3: 23

Umuntu wayedalelwe ukuba abe-nobundalewano noNkulunkutu kodwa ngenxa yobulukhunl bentando yakhe,wazikhethela.ukuhamba ngendlela yakhe, ngakho ubudlelwano bakhe noNkululunkulu balimala. Lentendo yakhe, ebonakala ngokuhlubuka kwakhe lokhu iBhayibheli likubiza ngokuthi isono.

UMUNTU WAHLUKENE NONKULUNKULU

"Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa" (Ukufa komoya okungu- kwahlukana noNkulunkulu) Rome 6: 23

Zulu1

Unkulunkulu ungewele, umuntu ugowele ukona, Kukhona igebe elikhulu phakathi kwabo. Manje selokhu kwathini umuntu uyazama ukuyofinyelela kuNkulunkulu ukuze athole lokhukuphila ngemizamo yakhe: ukuziphatha, kangconywana, imisebenzi emihle, ukuhlakanipha nokunye, kodwa yonke lemizamo ayimfikisi-ndawo.

lginiso lesithathu yilona lodwa elisinka impendulo yalenkinga...


3. UJESU KRISTU NGUYENA YEDWA OMISWE NGU- NKULUNKULU UKUBA AHLANGABEZANE NOKONA KOMUNTU. UMUNTU ANGALWAZI UTHANDO LUKA- NKULUNKULU KUPHELA NGOJESU KRISTU, AYAZI NEPULANI YOKUPHILA KWAKHE.

UJESU WAFA ENDAEKNI YETHU

"Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela" Roma 5: 8

Waziveze kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu" izenzo 1:3

UYENA YEDWA OYINDLELA

"UJesu wathi kuye: Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngephandle kwami" Johane 14: 6

Zulu2

UNkulunkulu useichithile igebe elisahlukanisayo naye ngokuba uyithumele iNdodana yekhe. uJesu Kristu ukuba izokufa esiphambanweni endaweni yethu.

Akwanele ukuwazi-nje lamaquiniso amathathu...


4. SIMELWE UKUBA KUBE YILOWO NALOWO AMAMU- KELE UJESU KRISTU ABE- YINKOSI NOMSINDISl WAKHE: NGALOKHO SINGALWAZI FUTHI SILU QONDE UTHANDO LUKANKULUNKULU, SIYAZI NEPU LANI ANAYO NGOKUPHILA KWETHU.

SIMELE UKUMAMUKELA UKRISTU

"Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okubo babe- ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholholwa egameni lakhe" Johone 1: 12

UKRISTU S:MAMUKELA NGOKUKHOLWA

Ngokuba ngomusa nisindiswe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu, akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo" Efesu 2: 8, 9

SIYAMKEYWA UKUBA SIMAMUKELE UKRISTU

(Ukristu wathi):"Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango nyiyakungena kuye". Isambulo 3:20

Ukumamukela uKristu kusho ukuphendukela kuNkulunkulu kusho uku methemba ngempela ukuthi uzongena ezimpilweni zethu. asithethelele asenze sibe-yilokho athanda ukuba sibeyikhona. Akwanele ukukholwa ngengqondo nokuthatheke nje okungayindawo.

Lemifanekiso emibili imele izinhlobo ezimbili zabantu

Zulu3
Zulu4

Impilo ebuswa nga "Mina"

U Mina usesihlalweni sobukhosi

uKristu ungaphandle kwempilo


Iminako noma imisebenzi ebuswa ngu MINA okulandelewa isiphithiphithi  nokukhathazeka

 

Impilo Ebuswa Nga Kristu

UKristu usesihlalweni empilweni

UMINA ueshlisiwe esihlaweni

Iminako nemisebenzi isibuswa nguNkulunkulu,okulandelea okukhula ekuthuleni epulanini kaNkulunkulu

 

Manje iyiphi inhliziyo kulezl ezimbili emele impilo yakho na?
lyiphi ofisa ukuba ngabe yiyona emele impilo yokho na?

Lokhu okulandelayo kuyakuchazela ukuthi ungamamukela kanjani uJesu:


UNGAMAKUKELA KHONA MANJE UKRISTU, UKUBONAKALISE LOKHO NGOKUKHULEKA (Ukukhuleka kungukukhu-luma noNkulunkulu).

UNkulunkulu uyayazi inhliziyo yakho, akakunakile kakhulu okukhulunywa amazwi akho ngoba unake okusenhliziyweni. Mhlawumbe ungakhulekat lomthandazo:

"NKOSI JESU, SENGIYABONA UKUTHI KADE NGIZlPHATHELE MINA UKUPHILA KWAMI, YINGAKHO NGINCENILE EKONENI. NGIYAVULA NAMUHLA INHLIZIYO YAMI NGIKWAMUKELA UKUBA UBE-YINKOSI NOMSINDISI WAMI. HLALA ESIHLALWEN SENHLIZIYO YAMI UBUSE. NGENZE NGIBE-YILOKHO OTHANDA UKUBA NGIBE-YIKHONA".

Lomthandazo kungaba ukhuluma khono ngempela okusenhliziweni yakho?

Uma ukhuluma khona. ngicela ukuba uwukhuleke khona uKristu uzongena ngempela enhliziyweni yakho njengesithembiso sakhe.


UNGAZI KANJANI UKUTHI UKRlSTU USESEMPILWENI YAKHO ?

Usumamukele ngempela yini uKristu na? Maqondona nesithembiso esisithola ku Isambulo 3: 20, uphi-ke manje uKristu? UKristu uthembise ukuthi uzongena ekuphileni kwakho.Angakukhohlisa yini uNkulunkulu? Ulithathephi igunyi lokwazi ukuthi uNkulunkulu usephendulile umtha-ndazo wakho? (Khumbulo ukwethembeka kukaNkulunkulu neZwi lakhe).

IBHAYIBELI LIBETHEMBISA UKUPHILA OKUPHAKADE BONKE ABAMEMUKELAYO UNKRISTU

"Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphekade, nalokukuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egamen, leNdodana kaNkulunkulu" 1 Johane 5: 11-13

Mbonge njalo uNkulunkulu ngoba uKristu usekuwena manje futhi akasoze akushiya (Heberu 13: 5). Usunokwezi ngempela manje ukuthi uKristu ophilayo kuwena, nokuthi usunokuphila okuphekade, kusukela kulomzuzu ovumile ngawo isethembiso njengokwesithembiso sakhe. Akasoze akukhohlisa.

Sizothini-ke ngemizwa?


UNGALADELI IMIZWA

Igunya lethu lisekelwe yisithembiso sezwi likaNkulunkulu, hayi imizwa. UmKristu uphila rgokukholwa (ngokwethemba) ukwethembeka kuka- Nkulunkulu nokweZwi lakhe. Lomfanekiso olandelayo wesitimela usibonisa ukuthi zisebenza kanjani lezizinto: lquiniso (uNkulunkulu neZwi lakhe). ukuholwa (ukumethemba kwethu uNkulunkulu neZwi lakhe), imizwa (umphumela wokukholwa nokulalela kwethu) (Johane 14: 21).

Zulu5

Isitimela siyagijima uma inqola kagadi (esemuva) ikhona noma ingekho. Kodwa kungaba ubuwula ukutama uhudonsa isitimela ngenqola kagadi. Ngokunjalo, thina esingamakristu. ukuholwa kwethu akuyi ngalokho esikuzwayo; kodwa simisa ukukholwa kwethu kulokho okushiwo iZwi likaNkulunkulu, nelisithembisa khona.


MANJE SEWUMAMUKELE UKRISTU

Ngesikhathi omamukele ngaso uKristu ngokukholwa kwenzeke izinto eziningi kuwena, njengalezi ezilandelayo:

  1. UKristu ungenile ekuphileni kwakho (Isambulo 3: 20; Kolose 1: 27).
  2. Izono zakho zithethelelwe (Kolose 1: 14)
  3. Usungumntwana kaNkulunkulu (Johane 1: 12)
  4. Usungenile kulepulani uNkulunkulu akudalela yona (Johane 10: 10; II Kor. 5: 14, 15, 17)

Ucabanga ukuthi ikhona kodwa into enkulu ngaphezu kwalena oyenzileyo yokwamukela uKristu? Uyabona nje nawe ukuthi kufanele ukuba umbonge uNkulunkulu khona manje, ngalokhu akwenzele khona ญ mbonge ngomthandazo. Ukubonga uNkulunkulu kukhombisa ukukholwa,

Manje sekufanele wenzeni-ke?


IZINDLELA ZOKUKHULA EKUKHOLWENI KWAKHO

Ukuze ukhule ekukholweni kwakho kufanele ukuba umethemba ujesu Kristu. "Olungileyo uzakuphila ngokukholwa" (Gal. 3: 11). Impilo yokukholwa izokusiza ukuba ukhule ekumethembemi uNkulunkulu ezintweni zonke ohlangana nazo. Kufanele ukuba wenze lokhu okulandelayo:

Khuleka kuNkulunkulu imihla yonke (Johane 15: 7).

Funda iZwi likaNkulunkulu imihla yonke (Izenzo 17: 11) qale ngo Johane.

Lalela uNkulunkulu imizuzu yonke (Johane 14: 21).

Fakazela uKristu ngempilo nangamazwi akho (Math 4:19; Johane 15: 8).

Noika kuNkulunkulu kuyo yonke into eqondene nokuphila kwakho (I Petru 5: 7).

Vumela uMoya oNgewele ukube abuse, akuphe amandia yonke imihla ukuze ube-ngufakazi isbili (Gal. 5: 16,17; Izenzo 1: 8).


UBUDLELWANO NAMANYE AMAKRISTU BUBALULEKILE

Siyelulekwa kuma Heberu 10: 25 ngokuthi, "singekuyeki ukuhlangena kwethu... masivuselelane...- Izikhuni zivutha kahle uma zihlanganisiwe;; kodwa uma ukhiha esinye sivutha. usibeke eceleni siyacisha. Bunjalo ubudlelwano bethu namanye amakholwa. Uma ungayi eSontweni lapho uKristu ehlonishwa akhonzwe khona, neZwi lakhe lishunyayelwa khona, sukuma nje ngempela uyozihlanganisa nabanye abamukele uKristu waba-nguMsindisi wabo, abeluqondayo uthendo Iwakhe.

Lokho okutholile kudlulisele kwabanye

UMA LENCWADI IKUSIZILE SICELA UKUBA UYIDLULISELE KOMUNYE, UMFUNDELE YONA.

Sekuhlakazwe izigidi ngezigidi zalencwadi. "Wake wezwa ngayo ญ lmithetho emine yokomoya?" Itholakala cishe ngazo zonke iblimi ezibalulekile emhlabeni wonke. Ngalokho sekukhona izinkulungwane eziningi zabantu asebethole ukuphila nobudlelwano noNkulunkulu ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, Sesikubo kahle lokhu ukuthi uma abantu sebethole Incazelo ezwakaloyo, bayazinikela impela,babengamaKristu.

Sikhuthaza wonke umuntu ukuba ayisebenzise lencwadi njengoba injena. Akuvunyiwe. ukuba umuntu ayihumushe ngaphandle kwemvume, noma ahumushe izingxenye zayo ezithile ngoba sesaba ukuthi ingase indungeke indaba ephethwe kuyona. Ngakho ofuna ukuyihumusha kuhle aqale ngokuthola imvume ebhalwe phansi kithina. Nanti ikheli

Campus Crusade for Christ of South Africa, P.O. Box 13046, Northmead, Benoli, Transvaal


ADDITIONAL ASSISTANCE